Lelibhukusichazi lilungiswe ngokuhambelana nesigaba- 14 soMthetho wesi -2 wokuphakamisa ukutholakala kolwazi ka -2000 ("UMthetho"). Liqukethe imininingwane nge-SAMSA kanye nendlela yokufaka isicelo sokuthola irekhodi.
Umthetho wesi -5 Weziphathimandla Zezokuphepha Olwandle ka -1998 wamisa i- SAMSA ngo Apreli ka- 1998. Sinomsebenzi wokubika ku Ngqongqoshe Wezokuthutha, okhetha ibhodi lethu futhi amukele uhlelo lwethu lonyaka lwebhizinisi. Ibhodi likhetha Umphathi wethu omkhulu wehhovisi (CEO), obhekene nomsebenzi wezobumenenja nokuhlela.
Inhloso yethu ngukuqinisekisa ukuphepha kwempilo kanye nezimpahla olwandle, ukuvikela nokugwema ukuthi imvelo yolwandle ingcoliswe yimikhumbi, kanye nokukhuthaza intshiseko yezolwandle e Riphabhulikhi.
Iziboniso zemisebenzi yethu zimbandakanya: Ukubhaliswa nokukhipha ilayisensi yemikhumbi; ukuhlola imikhumbi nokuyikhiphela izitifiketi; ukuqeqesha abasebenzi basolwandle nokubakhiphela izitifiketi; nokugwema ukungcola kolwandle.
Isigaba 10 soMthetho sifuna ukuthi Ukhomishana Wezamalungelo esiNtu e-Ningizimu Afrika akhiphe isiqondisi esinemininingwane enomqondo edingwa umuntu ukuze asebenzise noma avikele noma yiliphi ilungelo ngokoMthetho.
Uma ufisa ukubona irekhodi elimaqondana nanoma yimuphi wale mikhakha engenhla, kufanele ugcwalise ifomu yokucela exhunyelwe kulelibhuku-sichazi (kepha bona isigaba 7 kule kulelibhuku-sichazi).
Kufanele uhambise ifomu yakho oyigcwalisile, kanye nemali yokufaka isicelo neyokubambisa (uma ikhona), uyihambise ehhovisi lokwazisa kwikheli leposi, kwifeksi noma kwikheli le-e-meyili elibhaliwe kwisigaba 2 salelibhuku-sichazi.
Nekheli lakho leposi kumbe inombolo yefeksi.
Uma isicelo osifakile usifake ngoba ucelela omunye umuntu, kufanele ufake ubufakazi obanele nobugculisayo ukukhombisa igunya onalo ukuthi ungamfakela isicelo.
Kubalulekile ukuqonda ukuthi ukutholakala kwerekhodi akusiyona nje into emane izenzekele nanokuthi kuyisidingongqangi ukuthi uzigcine zonke izidingongqangi zomThetho omaqondana nesicelo sakho. Uyokwaziswa ukuthi siphumelele yini noma cha isicelo sakho ngendlela leyo oyalele ngayo kwifomu yakho.
Noma ngubani angasifaka bukhoma isicelo uma engakwazi ukufunda nokubhala noma uma ekhubazeke ngendlela yokuthi angakwazi ukugcwalisa ifomu. Kwizimo ezifana nalezo umsebenzi wasehhovisi uyoligcwalisa ifomu futhi anikezele usizo oludingekayo.
Nemali ekhokhelwa ukuthola irekhodi eyimali ebalwa ngokubhekelela izindleko zokukhiqiza, uphando kanye nesikhathi sokulungiselela kanye nezindleko, zokuposa.
Lapho umphathi wethu wehhovisi ethola isicelo sakho sokuthola irekhodi, uyokucela (uma ungeyena ozicelele) ukuthi ukhokhe imali emisiwe yesicelo ngaphambi kokuthi kuqhutshekwe nokubheka isicelo sakho. Ngaphezu kwalokho, uma isicelo sakho samukeliwe, uyocelwa ukuthi ukhokhe imali yokuthola irekhodi: lemali ekhokhwayo yengama uphenyo, ukukhiqiza kanye namalungiselelo, kanye nesikhathi esidingekayo esingaphezu kwamahora amisiwe okufuna nokulungisa irekhodi ukuze likhishwe, sekuhlangene namalungiselelo okuthi litholakale ngendlela oyifisayo. Kungenzeka ukuthi ucelwe ukuthi ukhokhe idiphozithi ngaphambi kokuthi uthole irekhodi: lediphozithi iyingxenye yenani lemali ebekiwe yokucela irekhodi kanti iyabuya uma isicelo singaphumelelanga.
Lemikhakha yolwazi elandelayo itholakala kalula ukuthi ihlolwe, ithengwe noma ikopishwe ngomshini, noma itholakale mahhala.
Asinazo izinhlelo zakwa-SAMSA ezibekiwe zokubandakanya umphakathi ukuze umphakathi ukwazi ukuba nomthelela lapho kumiswa imithethomgomo, noma lapho kuqhutshwa imisebenzi. Noma kunjalo, isigaba-11 somThetho weziPhathimandla zezokuPhepha Olwandle eNingizimu Afrika onguNombolo- 5 ka- 1998 ubeka ukuthi u-SAMSA makathintane nalabo abathintekayo lapho kufanele, lapho eqhuba umsebenzi wakhe. Lokhu sikwenza ngezindlela ezahlukene, njengokuthi silandele izaziso ezifanelekile nemibono eyinqubo lapho kuhlongozwa umthetho wasephalamende. Uma kukhona onovo maqondana nodaba oluthize, bamukelekile ukuthi bathintane nenhloko-hhovisi nanoma yiliphi ihhovisi eliseduzane.
Asinalo uhlelo lokudlulisela izikhalazo ngaphakathi. Lokhu kusho ukuthi uma kwenzeka umphathi-hhovisi wethu esenqaba isicelo sakho, futhi unesikhalazo ngaleso sinqumo, kuyomele ulandele inqubo yesikhalazo ngokwangaphandle.
Uma unesikhalazo ngokwenqantshwa kwesicelo sakho ngumphathi-hhovisi wethu, unelungelo lokufaka isicelo enkantolo zingakapheli izinsuku ezingama- 30. Umuntu oseceleni othintekayo ngenxa yalokhu kwenqaba naye angenza kanjalo.
Isicelo samukelwe ngu: (bhala isikhundla, igama nesibongo sikamphathi-hhovisi/ noma iphini lakhe) mhla...
Inkokhelo yesicelo (uma ikhona): R...
Idiphozithi (uma ikhona): R...
Inkokhelo yokubheka: R...
B. Imininingwane yocela ukuthola irekhodi a Imininingwane yocela ukuthola irekhodi kumele inikezwe lapha ngezansi.
b Ikheli/nenombolo yefeksi kwiRiphabhulikhi lapho kumele kuthunyelwe khona imininingwane, kumele inikezwe.
c ubufakazi begunya lokufaka isicelo, uma kunesidingo, mabufakwe.
Amagama aphelele nesibongo:...
Igunya lokufaka isicelo, uma sicelelwa omunye umuntu:...
Amagama aphelele nesibongo:...
D. Imininingwane yerekhodi a Nikeza imininingwane ephelele yerekhodi elicelwayo, okubala inombolo yenkomba uma uyazi, ukuze irekhodi likwazi ukutholakala.
b Uma isikhala esihlinzekiwe singeneli, qhubeka kwelinye ikhasi oyolifaka ulixhumele kulelifomu. Ofaka isicelo makawasayine wonke amanye amakhasi awafakile.
Ukuchazwa kwerekhodi noma ingxenye yalo:...
Inombolo yenkomba, uma ikhona:...
Noma yimiphi eminye imininingwane yerekhodi:...
E. Imali ekhokhwayo a Isicelo sokuthola irekhodi ngaphandle kwaleso serekhodi elinemininingwane yakho, siyobhekwa kuphela ngemuvai kokukhokhwa kwemali yesicelo.
b Uyokwaziswa ngenani lemali omele ukuyikhokha.
c Inani lemali ekhokhelwa ukuthola irekhodi liyoya nendlela leyo elifuneka ngayo kanye nesikhathi esidingekayo sokulifuna nokulilungisa irekhodi.
d Uma ungoxolelekayo ekukhokhweni kwanoma iyiphi imali, bhala izizathu zokuxoleleka kwakho.
Uma ungakwazi ukufunda ngoba ukhubazekile, libheke noma ulilalele irekhodi ngendlela leyo ehlinzekiwe ko 1 kuya 4 ngezansi, yisho ukukhubazeka kwakho nanokuthi ufuna ukuilthola ngasiphi isimo irekhodi.
a Ukusigcina isicelo sakho sokufuna irekhodi ngesimo leso osicelile kuyoya ngokuthi irekhodi lelo litholakala ngasiphi isimo.
b Ukuthola irekhodi ngendlela eceliwe kungase kwenqantshwe kwizimo ezithile. Uma kunjalo, uyokwaziswa uma irekhodi uyolikhishelwa ngesinye isimo.
c Imali ekhokhelwa ukuthola irekhodi, uma ifuneka, indlela elifuneka ngayo nayo iyoba nomthelela..
Uma ucele ikhophi noma irekhodi eliqoshiwe (ngenhla), ufisa ukuthi le khophi uyithunyelwe ngeposi?
Qaphela ukuthi uma irekhodi lingatholakali ngolwimi oluqokayo, lingase likhishwe ngolwimi olutholakalayo.
Ukhetha luphi ilwimi lokukhipha irekhodi?
Uyokwaziswa ngencwadi ukuthi siphumelele yini noma cha isicelo sakho. Uma ufisa ukwaziswa ngenye indlela, ytichaze leyo ndlela ukuze sikwazi ukusigcina isicelo sakho.
Ungafisa ukwaziswa kanjani ngesinqumo esimayelana nokucela kwakho irekhodi?
Isayinwe e mhla ...osukwini...20...
